NGU-:
NTOMBIZONKE EUNICE MAKHANYA
tlMSEBENZI OLETRELWE UKUGCWALISA IZIDINGO ZEZIQU ZE : -
HONOURS, BACHELOR OF ARTS
EMNYANGWENI WEZILIMI ZOMDABU ENYUNIVESITHI YAKWAZULU
tlMELULEKI INDAWO
USUKU LOKUPHOTIroLA
UMNU. L.Z.M. KHUMALO DURBAN - UMLAZI
UMASINGANA 1997
IS I FUNGO
NGIYAFUNGA NGIYAQINISA UKUTHI:
UCWANINGO OLUNZULU NGESIBAYA
Ngumsebenzi ongowami isirninya nokuthi yonke imit hombo yolwazi esetshenzisiwe necashuniwe iveziwe yaz Lswa ngendlela ephelele.
N. E. MAXHANYA
JiMNuno
Ng i n i k e l a 1.0 msebenzi kumyeni wami u Muzikhona, nabantwana bami: UPhumelela, Phumlani, Sanele noSiphelele, abangibekezelele ngixakekile ngingakwazi ukubenelisa ngothando lobumama . Ngi ngakhohlwa umamezala wami uMaMbokazi obesephenduke umlobokazi esikhundleni sam.
ABANTP' BOKtlBONGWA
Ngidlulisela ukubonga kwami kulaba bantu aba1andelayo, ngokungesekela kwabo kuLo Lu cwaningo:
UMnu. L.Z .M. Khumalo, uMntungwa, ongqabashiye, wacshekedula, wathi esajuluka wangangilibala nami ,n g i s e nkungwi:li yokungazi, wangembula ulwebu lo'lwazi lwemvelo wangihlomisa ngolwa:i olunenjula yemicabango.
UMnu. N.Z.E. Xala noMnu. E.T . Ntombela ngokuba nesandla esinzulu ekwelekeleleni imfundamakhwe1a eyimi lapho ingasaboni phambili.
L1".nu. M.D. Mbatha ngezincazelo ezinzulu emagameni azindida.
UNkk. Z. V. Ncwane ngokungibhalela 10 msebenzi angihlelele leli bhuku kunzima.
Ngingekhohlwe ngabazali bami uMnu. BhekaMaNcwane ongasekho noNtombiyona (uMaSabelo) okuyibo abangiletha emhlabeni.
l . l
L. 2 L.3 1.4 l .5
OHLAKA LOMSEBENZI
I S INGENI SO
I Z INHLOSO ZOCWANINGO INKUTHAZO
INDLE LA YOKUQHUBA UCWANI NGO UMKLAMO
1 2 3
3 4
~~ .1 ISINGENISO 5
:2 .1. 1 SI YI N I IS I BAYA? 5
~ .1. 2 IZINHLOBO EZAHLUKENE ZEZIBAYA 5
~ . 1.2. 1 ISIBAYA SEZINKOMO 6
~ .1.2 . 2 ISIBAYA SAMANKONYANE 7
~ .1.2 . 3 ISIBAYA SEMIVEMVE 7
~ .1. 2 .4 I SIBAYA SEZIMBUZI NEZIMVU 7
~ . 1. 2 .5 I S IBAYA SEZINGULUBE 8
:: . 1. 2 . 6 I SIBAYA SEZINKUKHU 9
~ .1 ISINGENISO 10
\.1. 1 ISIBA YA SOMNUM ZANE 11
i .1. 2 I ZI NT O EZAHLUKENE EZENZELWA ES I BAYENI 11
;.1.2 . 1 UKUSENGA 11
\. 1. 2 .2 UKUNCAMISA INDOOAKAZI 12
, .1. 2.3 KUHLATSHIWE 14
"'1. 2.4 UKUNAKEKELWA KWE S IBAYA 14
\ .1. 2. 5 KUZALA INKOMO 16
1.1. 2.6 IMBELEKO YOMNTWANA 17
\ .1.2.7 OWESIFAZANE ONGAB AT HOL I ABANTWANA 17
\ .1. 2.8 UKUCOLWA KWETh'WASA 18
1.1.2 . 9 ISIGCAWU SOMNDENI 20
l .1.2.10 IMBEWU EVUNl WE 21
\ .1 . 2. 11 IT HUNA LOMNUMZANE 22
..1.1. ISINGENISO 23
-r .
1.1 IZINTO EZINGELOKOTHWE ESIBAYENI 23.. . 1.1.1 ABESIFAZANE 23
... 1 .1.2 UMLOBOKAZI 24
·L 1.1.3 UMDLEZANE 25
-r ,
1.1.4 INTOMBI 25.. .1.1. 5 ABESILISA 26
.-l, 1.1.6 UMKHWENYANA 26
-t. 1. 1. 7 UMLINGANI 27
S. l
" .1.1
".1.1. 1 .:;.1.2 ':>.1.2.1
ISINGENISO ISIBAYA SENKOS I
SIYINI ISI3AYA SENKOSI?
IZINTO EZENZELWA ESIBAYENI SENKOSI UKUBEKWA IO,E trt<OSI
28 28 28 28 29
" .1. 2.2 UMKHOSI WOKWESHWAMA 29
'-,.1. 2.3 UKUBULALA INKUNZI 31
" ,1. 2.4 IMBIZO YAMABUTHO 32
',.1.2. 5 UKUPHUMA ' KWAr4ABUTHO EYA EMPINI 33
" .1. 2 . 6 UKUKHOT~ KWENKOSI 34
',.1.2 . 7 UMKHOSI WOMHLAN'GA 35
..1,1.6. 1 UKUBALEKA ,.1.1. 6,2 AMABHEKA .. 1.1.6, 3 AMASISO .:.1 IS INGENISO
" .1.1 IZINTO ZANSUKU ZONKE EZITHOLAKALA ESIBAYENI
.•.1.1.1 UMQUBA ., .1.1.2 UBULONGWE .,.1 .1 , 3 AMALONGWE '; ,1. 1. 4 UBISI
'..1.1. 5 IZINTO EZAKHI WE NGESIKHUMBA '..1. 1.5 .1 IBHESHU
·,.1. 1. 5 . 2 ISIHLANGU
•. 1. 1. 5. 3 ISIDWABA , .1. 1.5. 4 ISIPHANDLA .. .1.1. 5 . 5 IMINQWAMBO
..1.1.6 ISIKHUNDLA ESIPHEZULU EMPHAKATHINI
37 37 37 37 38 38 40
41 41 42 43 44 44
45 48 48
IS IPHETHO
IMITHOMBO YOLWAZ I
50
54
1 .1 ISINGENISO
UMvelingqangi udale iSintu sakhe ngamfanekiso wakhe uqobo.
Lesi Sintu usahlukanise ngezinhlanga ezahlukene, waphinda futhi wasabela izi ndawa ezahlukene zakuhlala.
ISintu saseMzansi neAfrika, uMdali usabej e izinto ezingarnagugu aso. Namasiko ngokunj ala ahlukile kwawamanye amazwe. Uma kuhlangana abantu bamazwe ahlukene kuvama ukuba kUdlange . ukungqubuzana kwamasika.
Isibaya singelinye larnagugu esikweni lesiZulu.
uma
uzihambela nje, uphosa amehlo, ubone isibaya kuyafika emqondweni wakho ukuthi ubona umuzi womnurnzane. Uma singekho isibaya kufika ngokushesha engqondweni ukuthi umuzi ungowomfokazane uqobo , Inxulurna lomnumzane lakhiwe laba yindilinga njengaso isibaya.Phakathi nenxuluma ku k h o n a isibaya esiyinsika yomuzi. Umuzi weSintu unamaqhugwana. Uma singena eqhugwaneni sikhangwa insika phakathi nendawo. Le nsika emise indlu ukuba ingawi
""uma kufika iziphepho .
Uma ungena emuz:'ni wesiZulu ungena ngesango. Ngokomthetho linye va isango lokungena enxulumeni. Uma kungenjalo zintuba nj e zokufohla.
1 .2 . IZINRLOSO ZOCWANINGO
Lolu cwaningo luhlose ukuvusa ugqozi lokufuya kuban cu.
Esikhathini eside abantu balahle amasiko abo , balibala amasiko ezinye izizwe.
Lolu cwaningo luhlose ukugwashisa iSintu ukuthd, yize sesingasaziukuthi kumele sibhekephi, nokho lisekhona i themba nekhambi elingenziwa. Uma nje besingaba nesineke, sivume ukuqalaza emuva, nokho bezingabuya emasisweni.
Lolu cwaningo luzoveza ngokusobala bha ukuthi kwakukhonjwa ngophakathi kwelokhokho. Kuzovela yonke in::okozo yasekhaya ngaphandle kokuwa uvuka , uqhathanisa onsumbulwana. Ingani phela uphokophele ukuthola ukudla okwakha umzimba, njengobisi, amasi nokunye.
Lolu cwa.'1ingo luzoveza ukubambisana komndeni ekumiseni insika yawo isibaya.
Lolu cwaningo luzoveza isidingo sesibaya emzini womnumzane.
~.
1 . 3 INKUTRAZO
Lolu cwaningo lukhuthazwe yizinkinga abantu abahlangabezana na zo ngenxa yokungafuyi . Kufikisela inkuthazo ukubona ukungqubuzana kwezinkolo okuholela ekusetshenzisweni kwesibaya nemfuyo nj engethempeli leSintu kanye nemihlabelo enyuselwa eNkosini ngesandla sabaki thi.
Lukhuthazwe ukubuka izinkinga ezenzeka uma kwethwasa isangoma sesizogida esibayeni , uma singekho yinkinga. Lokhu kuvela kakhulu uma ithwasa lihlatshelwa imvumakufa, iminqwambo nezinkomo zokuphothula.
1 .4- INDLELA YOKUQHUllA UCWAN:INGO
Umcwaningi uzoqhuba ucwaningo ngokubheka isiko leSintu. Ku zo f akwana imilomo ne z i n d a l abant u kanye nezinzalabantu. Yizo ezizoba umhlahlandlela. Yizo ezizothamunda sizwe ukuthi zona zanqoba kanj ani esi.khathini sazo. Yizo 'ezizokhomba imigudu ezangqengqa kuyo.
Umcwaningi uzophuma engena emitatsheni yolwazi eyehlukene, aqhachanise ongoti bezolimi loMdabu.
Umcwaningi uzobe engaqedile uma engahlalanga phansi nemithonseyana yabafuyi ezwe ngesimo- sesibaya jikelele.
Osolwazi bezikhungo ezahlukene bazochaza kabanzi, bakhiphe ingonyuluka ngabakwaziyo ngesibaya.
~.5 UMKLAMO
Lolu cwaningo luzogxila esibayeni ngqo. Luzocwaningisisa konke okuzinsika zesibaya kusukela kwesomndeni kuze kuyofika kwesesizwe. Isibaya somndeni yileso somnumzane. Isibaya sesizwe yileso sakoMkhulu.
Kuzocwa.!'lingisiswa ubunzulu bobuthempeli besibaya ngokoMdabu.
Kuzodlulelwa ezimfihlaka.lweni zamagugu omndeni nesizwe ngokwenyama, ngob'engqondo nangokomphefumulo. Kuzovela nokuthi kungani aboMclabu besazisa kangaka isibaya njengenqaba nenqolobane yobubona.
2 .1 ISINGENISO
Imfuyo inendawo lapho igcinwa khona. Kule ndawo yilapho igcineka khona iphephile, ikakhulukazi ngezikhathi zobusuku. Leyo ndawo ibizwa ngokuthi isibaya.
2 .1. 1
2.1. 2
SIYINI ISIBAYA ?
Isibaya siyinsika yomuzi. Yisibaya esikhomliisa odlulayo ukuthi umuzi ungowomnumzane. Esibayeni yilapho kunqwabelene khona amagugu omndeni. Isibaya siyinqolobane ya l a magugu. Uma sibheka isibaya ngokwenkolo. siyithempeli leSintu.
Isibaya sakhiwa phakathi nenxuluma ngokugxunyekwa kwezigxobo nokuphicwa ngezintungo sibe yindilinga.
Isibaya ngokwempilo nangokweso lenyama sihlala imfuyo yekhaya.
IZINHLOBO EZABLUKENE ZEZIBAYA
Izibaya zakhiwa ngendlela eyahlukene. Ngeke usithole is ibaya sezinkomo s a k h i we safana nesezingulube. Lokho kwenziwa ukwahluka kwendlela lezi zilwane eziphila ngayo.
2 .1.2.1 ISJ:BAYA SEZINKOMO
Lesi sibaya yiso esiqukethe isithunzi somnumzane.
Sakhiwa ngokumbela izigxobo zibe yindilinga. Isango liba nezimpundu ezimbili. Izimpundu zisiza ukugaxa imigoqo okuvalelwa ngayo izinkomo ebusuku. Izibonda zisiza Lapho kuboshwa inkomo esuke izohlatshwa. Inkomo isuke iboshelwa ukungadlubul undi uma isihlatshwa. Kodwa kweminye imizi noma imicimbi, inkomo ayikhulekwa . Ihlatshwa enxebeni elisesiphangeni.
Isango lesibaya livalwa ngemigoqo. Le migoqo yiyo okuvinjwa ngayo esangweni lenxuluma lapho kugcagcwa. Lokhu kwenzelwa ukuba umlobokazi athi yena efohla ngesikhala, umth i mb a ulinde kuze kususwe imigoqo esangweni. Urna umthimba weqe imigoqo uyahlawuliswa.
Ngaphambi kwesang o lesibaya kun e n d a wo okuthiwa inkotha. Enkotha yilapho umnumzane eziphumulela khona , aninge ngoyisemkhulu. Umnumzane uma khona enkotha ahlole isibaya sakhe.
Abantu bema enkotha uma bebuka inhloko yomndeni ishisa impepho esibayeni uma kuzohlatshwa.
2.1.2.2
2.1.2.3
2.1.2.4
ISIBAYA SAMANKONYANE
Phakathi esibayeni sezinkomo kukhona isibaya samankonyane. Sana sakhiwe saba yigumbi eceleni. Naso belu sinesango eliphumela esibayeni sezinkomo. Abafana baqala ngokuvulela izinkomo bese begcina ngamankonyane.
Amankonyane angatshotsha ukuncela singakashayi isikhathi senhlazane, uma engakhishwa kuqa.La .
ISrBAYA SEHlVEMVE
Lesi sibaya saziwa ngokut:hi yithombe. Ngenxa yokusabela izimvula namakhaza, imivemve ilala kulesi sibaya. rthombe lakhiwa phakathi eghugwaneni. Kuthathwa umquba esibayeni sezinkomo ufakwe endlini, esililini sabesilisa.
rmfuyo phela yingcebo yomnumzane. Kushayelelwa isikhonkwane, umvemve ukhulekwe enqineni ngesisinga.
rSIBAYA SEZIMBUZr NEZrHVtJ
Lesi sibaya sakhiwa ngokuphica izint:ungo ezigxotsheni.
Izintungo ziyasondelana ukuze zinga:ohli izimbuzi nezimvu. Abanye abanumzane batshala izihlahla phakathi kulesi sibaya. Ngalokhu benzela ukuthi izimbuzi zikhcsele urna izulu lina.
2.1.2:5
Amagabunga alezi zihlahla. asiza izimbuzi nezimvu ukuthi zidle. zingajahi ukuyokona emasimini. La maqabunga abuye abe ngumkhumiso. Amaqabunga ayaselapha isisu sembuzi ikakhulukazi ngezikhathi zesomiso. Phela kungalesi sikhathi lapho uthola izimbuzi zidla inhlabathi ngenxa yokuzama ukunquntula utshani.
:ISIBAYA SEZINGULUBE
Lesi sibaya saziwa ngokuthi igogo. Sahluke kakhulu kwezinye. Lesi sibaya yiso sodwa esakhiwa kude nekhaya ngenxa yephunga elibi. Sakhiwa ngemigoqo sehlukane amagumbi amabili. 19umbi lokuqala kulapho izingulube zidlela khona . Kuleli gumbi kukhona izitsha ezinkulu zokudlela.
Igumbi lesibili kuLapho zidlala. zifosha khona. Kuleli gumbi kumanzi futhi kunodaka. Lolu daka lwe n z i wa yizo izingulube. Amanzi nokudla kwaz o , kugcina sekuhlangene nodaka. Lolu daka luyaxoveka luze luphumele egumbini lokufosha. Lolu daka luze luphumele ngaphandle kwesibaya. Emaphethelweni esibaya yi l apho zilala khona.
2..1.2.6
Ingulube iyisilwane esibalulekile ngenxa yamafutha ayo.
Amafutha engulube avimba izifo ezilethwa ngobukhunkulL Uma ugcobe la mafutha azikungeni izifo. Okubalulekile ngala rnafutha akafakwa usawoti. Usawoti uyawabulala amandla amafutha. Amafutha nosawoti kokubili kunamandl.a , ngakho-ke kugcina sekulwe kodwa bese kuphelelwa amandla.
Usawoti phe la unamandla okulwa nemimoya emibi. Nesithunzi sesipoki uma sibonakala sithelwa ngosawoti.
:ISIBAYA SEZINKOKHO
Lolu uhlobo lwesibaya olwakhiwa ekupheleni kwegceke.
Sakhiwa ngokubaza iziqu zemithi emikhulu yenz i we izicaba. Le mithi isha y e l e l wa ezigxotsheni ithothane kungasali sikhala. Kuvulwa isikhala esincane sokungena esivalwa ngesicabha. Lona ngumnyango wokungena uma kukhona okudingayo. Ku vul wa izimbotshana ezincane zokungena umoya.
Ngaphakathi kubekwa izidleke zokuzalela izikhukhukazi.
Lezi zidleke zakhiwa ngokweluka i nka t ha yotshani. Le nkatha ifakwa ezimbengeni ezindala bese zilengiswa
pnezulu. Zibekwa phezulu ukuze 'kungafinyeleli izinj a kanye nobhozo behlathi. 'Ub h o z o yisilwane esidla izinkukhu.
Kukhona izintungo ezishayelelwa ziphambane ngaphakathi. Lezi zinr.ungo ezokulal a izinkukhu. Phansi kukhona imicengezi yamanzi lapho ziphuza khona izinkukhu ngesikhathi zigangathekile.
::,.1 ISINGENISO
umuzi wakhiwa ngokuthi kube khona uSokhaya, inkosikazi kanye nabantwana.
USokhaya nguye oyinhloko yomu z i . Zonke izinto ezenziwayo zithathiselwa kuye. Unkosikazi yena uyisandla sokulekelela uSokhaya ezinkingeni abahlangabezana nazo empilweni yabo .
Ukukhulisa .abantwana ngendlela eyakhayo yikona okudingekayo kuSokhaya nonkosikazi wakhe. Yibona abayisibonelo kubantwana uma bekhula. tlkuphunga indlala kubhekelwa ngumnurnzane ernzini wakhe . Abanr.wana akuf anele balam!::le ekhona uyise .
3.1.1
3 .1.2
3 .1.2.1
ISIBAYA SOMNUMZANE
Umnumzane nguye umninisibaya. Umninimuzi nguye olawulayo ngokumele kwen::iwe esibayeni sakhe. Umnumzane uyinkombandlela emadodaneni akhulayo. Ngesibaya nje sodwa, umnurnzane angagcina eseyisibonda sendawo. Zonke izindaba, izinkulumo, izingxabano,. zixazululwa yisibonda.
IZINTO EZENZELWA ESIBAYENI
Ziningi izinto ezenzelwa esibayeni. Kukhona izinhloso ezithile ezijongiwe ngokuzenzela esibayeni.
UKlJ'SENGA
Lona ngurnsebenzi wabafana. Izinkomo zisengelwa esibayeni. Inkomazi iboshelwa epalini ngezimpondo.
lmilenze yangemuva yona iboshelwa ndawonye ngesiphandolo.
Umfana osengayo akalokothi asenge ehlezi esigqikini.
Kepha uyaqoshama. Ithunga ulifaka phakathi kwemilenze.
Zimfunda la;phela ezibanjelwa ithunga urna zisenga.
Ukuqosharna komfana kumqeqeshela ukubhekana ngqo nekusasa.
!kusasa Lakhe liyikho ukuqoshama cisho irnpilo yakhe
3.1.2.2
yonke. Ingani phela usazoqoshama eqobela izinsizwa inyama. Nebutho ngokunjalo impi liyilinda futhi liyisinge liqosheme. Umfana osengayo kufanele akhaliphe.
Uma inkomazi ilugodla ubisi, udedela inkonyane incel.e ukuze yehlise, bese iphindwa umphehlu. Unfana akalokothi ayigqogqe inkornazi ngisho ngabe iyisigqala kanjani. Uyazi umfana ukuthi inkomazi iyangxengxwa ukuze yehlise. Lokhu kumqeqeshela ngisho izimo ezinjani zangomuso ukuthi umuntu ungabomphoqa, kepha abomncenga, umbonise ngendlela.
UKUNCAMISA INDODAXAZI
Intombazane ezogcagca ihlala erngonqweni isonto lonke. Le ntombazane yemboza imvakazi bese ihlala emgonqweni.
Emgonqweni yilapho intombazane ifunda khona· ukuzotha nokuhlonipha. Ukwemboza kuwuphawu lwenhlonipho. Le mvakazi kuba itshali. Liyahlonishwa leli tshali, alembathwa yinoma yimuphi urnuntu. Emgonqweni kusuke kugiya izinzalabantu. Ngalesi sikhathi zisuke ziyala intombi ezogcagca. Emgonqweni awubangwa urns indo . Lo
Ngosuku lokuncamisa indodakazi. uyase' uyihola ngengalo aze ayengena esibayeni. Esibayeni yilapho umninimuzi eshisa khona impepho. Umnumzane umfica esethi: "Nina bakoMnguni, Yeyeye Nansi indedakazi yami futhi okungeyenu. Ngiyiletha ezandleni zenu ukuba nihambe nayo . Isiyaphuma kule muzi. Ayiphumi kabi kepha iphuma kahle ngoba isiyokwenda, Sicela niyehlisele izinhlanhla phambili. iwuvuse umuzi womnumzane."
Ngalesi sikhathi indodakazi noyise basuke bezungeza isibaya. ekuseni kusempondoz ankomo, Uyise usuke eseyiyala okokugcina eyitshela nokuthi ingabheki emuva.
Ngokungabheki emuva ogcagcaya ufundiswa ukubekezela angehlulwa umenda. Uma eqabuke wabheka emrva, useyohlala nj ala phathaphatha. usehambela kubo , Umlabokazi ongapheli kube akathandeki. Phela kwabasemzini kuba nenkalelo yokuthi uhleba ngabe kubo. Nempela uma esemuningi kubo, angaze aphunyuke akhulume nezimfihlo z abo nemyeni . Lekhu kungadala ukungezwani kwabaganiselene, Konke lolchu kungenxa yokubheka emuva adelele iziyalo.
,
:.1. 2 . 3
, . 1. 2 . 4
KUBLATSRIWE
Urna umnumzane ezohlaba, wonke umcimbi uwul u n g i s e l e l a esibayeni. Inkomo ishiselwa impepho esibayeni, ihlatshelwe khona, ihlinzwe, ize ibuye iphekelwe khona. Izitho zenyama zehlukaniselwa khona esibayeni.
Ibandla liyidlela khona esibayeni inyama yalo. Emva kokubusa kwalo liyagiya. Izinsizwa zigiya seliyoshona.
Lolc.~u kwenziwa ukuthi abangasekho bayezwana narnathunzi.
Ngalesi sikhathi basuke sebeqoqene bonke, izi n z a l aba n t u nezindalabantu. Ngokuqoqana kwabo basuke bezobusa ndawonye nabasadla anhlamvana. Impumelelo yomcimbi ibonakala lap h o sekujatshulwa, kuhleJcwa, kubangwa noms indo wokuhlabelela nokugiya. Leyo mvunge nokuviliyela kuyiphunga elingaconsi phansi Jcwabangasekho.
UKUNAXEKELWA KWESIBAYA
Kuyenzeka umnumzane axoshiswe ngenkomo. Ukuxoshisa kwenziwa uma umuntu ehlabene ngento ethize. Urna umuntu ekhombise ~uqhawe obuthize uyaxoshiswa. Lobu buqhawe kungaba obokuhLaba ria lapho kuphunywe inqina. Inqina iphunywa izinsizwa ngenhloso yokuyozingela.
Inkosi iyayikhipha inqina ngenjongo yokuthola imvunulo ezilwaneni zasendle njengezimpaphe nezikhumba. Iphisi elihlabane ngengwe noma ngebhubesi lixoshiswa ngenkomo. Le nkomo ayihlangani nomhlambi womnumzane ingenzelwe amakhathakhatha.
Ithi ingafika Ie nkomo ingeniswe esibayeni, ithelwe ngomquba emqolo, kusuka ekhanda kuye eshobeni. Umnumzane uyisika uphawu Iwezinkomo zakhe. Usuke engaqedile uma engayikhumisanga izintelezi zakwakhe abuye ayishunqisele.
Umnurnzane onesibaya akalali az e avuke emini kodwa uvuka kusempondozankomo ayohlola isibaya. Ngokuvuka kangaka umnumzane wenzela ukuthi kuyasa useqedile ukuzinyanga izinkomo zakhe. Izintelezi zidinga ukwenziwa ngomnyama ukuze zenganywe izithutha zekhaya.
XaIa, (1991:80) Uthi:
Iziko lemfuyo lakhiwa esibayeni ngaphakathi ngase- sangweni. Umnurnzane usethatha ikhekheba lezinyosi noma isidleke khona ezokushunqisa. Sekothi uma seliyozilahla kunina, sezibuya emadlelweni umnumzane ashunqise ikhekheba lezinyosi noma isidleke. Ziyangena nj e izinkomo esangweni kuyazhunqa. Zihogele, zeqe. zedlule. Phela umnumzane loku wenzela ukuchi imoahla imchume abe nochibidclo lukabhisi. Unele ungalotha umthunqiso bese ethatha umlo::.ha ewugqiba khona esibayeni wak..'le izik::l. Kanj alo noma efuna imfuyo yakhe Lzi.muke , inonophale, icwebezele. ushisa isikhumba sebululu. enze umthunqiso agqibe umlo::.ha. Kulolu hlobo lwe:iko kuphekwa imfuyo ukuba ichume.
ikhuluphale.
3 .1.2.5
Msimang, (1975:44) uthi,
Okunye okubalulekile ukuba kuthi lapho kukhala umkhonya ebusuku, abafana baphume namathunga bawashaye ezimpundwini zesibaya ngoba uma bengenzanga nj alo umkhonya uzozincela izinkomazi zishelwe ubisi, futhi zidabuke imibele.
Umnumzane ongakuqikeleli lokhu ugcina engenasibaya.
KUZALA INKOMO
Inkomo ithi ingabonakala ukuthi iyazala bese ibhekwa ngelibanzi ize izale. Kusuke kugadwe umhlapho. umhlapho uyinyama ephuma ekugcineni, umvemve usuphumile. Yiwo ongumzanyana wenkomo. Umhlapho ulengiswa esibayeni uze uziphelele.
Uma inkomo ingabhekwanga ngesikhathi izala kuyenzeka iwudle umhlapho. Kuyingozi ukudliwa komhlapho ngoba inkomo Lyaphunza ngokulandelayo.
komvemve kungesikhathi bese uyafa.
Ukuphunza ukuzalwa
Kuyenzeka um.~lapho utholwe umuntu ohlakaniphile. Lo muncu angawulumba umhlapho. Umphumela walokhu kungaba ukubhubha kwesibaya somnumzane.
3 .1.2.6 DmELEKO YOMNTWANA
Imbeleko yenziwa ngokuhlaba imbuzi. Kule mbuzi kusikwa isiphandla sifakwe umntwana.
lakubo komntwana.
Lokhu kwenziwa ngosiko
3 .1.2.7
Msimang, (1975:52) uthi:
,Ko l uny e uhlobo usiko lwakhona kuba ukuklekla, kokunye kube ukudebeza, kokunye umnt wa n a unikwa .inyama ethile elusiko lohlobo lwakubo ayidle ,esibayen i.
Makhanya, (1996) uthi:
Ukungeniswa komntwana esibayeni
kun~~mbethelela nokumnika uphawu lomndeni. umncwana ushiselwa impepho khona esibayeni ukuze amakhehla
ambheke, futhi amehlisele izinhlanhla.
Uma umncvana engenzelwanga imbeleko , usuke engaxhumene nomndeni. Kukhona in90zi yokuthi kungalula nokuvelelwa umshophi womkhuhlane oyisimilamongo.
OWESl:FAZANE ONGATHOLl: ABANTWANA
Kungumsebenzi kaSokhaya ukubheka isibaya. imbala liyis ibaya somnumzane.
Inxuluma
Uma umlobokaz i esegcagcile, usuke esebhekwe ngabomvu ukuthi athole umncwana em::ini. Ngokuhamba kwesikhathi
kungasoleki Lu t.ho , kuyaqaLwa kubhekwe ngamanye amehlo.
Kungalesi sikhathi lapho kubhekeke ukuba umnumzane enze umsebenzi wakhe. Izinzalabantu zithi zingambikela 10 mhlola aqale naye abuke ngelinye.
Umnumzane nguye ohlela usuku 1okwenz a umsebenzi wokukhuluma namathongo. Ngalolu suku urnlobokazi uvuka kus empcndczenkcmc aholwe·.nguyisezala baqonde esibayeni.
Izalukazi zilandela ngemuva. Izinzalabantu ziguqa ngaphandle kwesibaya, enzansi naso. Uyisezala uqonda ngqo esibayeni, angene nomalokazane wakwakhe. Bobabili bazungeza isibaya, uyisezala ehamba ekhuluma.
sikhathi usuke ekhuluma nabangasekho abuye
Ngalesi abuze
".1.2"8
nemibuzo. Umnumzane umuzwa esethi, "Ngenzenj ani? Aphume impel a umlobokazi? Izinkomo zami? Bazothini abalingani bami?II Lokhu kwenza kufuze lapho indodakazi ikhishwa kubo, iholwa nguyise, iqonde khona esibayeni.
mroCOLWA KWETIiWASA
Ithwasa liphel ezelwa amanye uma livuma idlozi.
Ngesikhathi sokugida amathwasa aqala agidele endlini agcine esibayeni. Amathwasa asuke ephethe umkhonto nezinkamba zemithi. Izinkamba azichitha esibayeni kuthi umkhonto ahambe nawo.
Ngokuchitha izinkamba esibayeni amachwasa asuke ecela
izinhlanhla emakhehleni. Utnkhonto kusuke kungowokugwaza
1
izinhlanhla nokwelapha ngempumelelo.
izifo zabantu. Ngokwenza ,l okhu ithwasa lisuke linxusa Umkhonco uhlala
.
i ,!,
,~.
emsamo kubo kwethwasa.
Inkomo yedloz L ishunqiselwa ngempepho esibayeni. Amathwasa ayiphulula ngamashoba enzele ukut.hi, idlozi
enxebeni khona belu esibayeni.
Ithwasa elinomuntu elihleka naye , akulungi Lu t.ho uma 1ingenzelwanga umcimbi wokulihlanganisa nalowo muntu.
Ngelanga lalo mcimbi kuhlatshwa imbuzi kubo kwethwasa.
Uma lishadile wenzelwa emzini walo. Laba bantu bobabili It,'
baya esibayeni. benzelwe umcimbi wabo khona.
zihlanganiswa nomuthi odliwa yithwasa. Le ngxubevange ikhishwe
zitho Lezi
zangaphakathi izitho
nomswani. . iphaphu
iyahlinzw.a Imbuzi
nj engesibindi,
ishiselwa odengezini bese bencinda khona esibayeni. :1 Bachi bangal'lcinda. bashunqiselwe impepho khona esibayeni.
Emva kwalokho baphuma esibayeni ngejubane bayobamba
"3 .1. 2 . 9
umj anj atho ophakathi nendawo endlini yethwasa. Lokhu kwenzelwa ukuch"i ingaphuphi imithi yethwasa emva kokuhlangana kwabo.
I:SIGCAWU SOMNDENI:
Wonke umndeni unezindaba zawo. Kuyenzeka kube ngezithokozisayo ezinye kube yizingxabano. Uma kuyizingxabano zisuke zidinga ukuxazululwa. Udaba lubhungwa endlini kanti uma singacholakali isixazululo, ludluliselwa esibayeni. USokhaya usuke eseyoncenga amathongo ukuba alekelele, aphunge ulaka.
Kuyenzeka ludlange ulaka kwabaxabene. USokhaya nguye olungiselela ukuchi bathelelane arnanzi. Abantu abaxabene bathelelana amanzi ngokuhlala ndawonye. Kubakhona umancishana woCshwala namanzi anohlaavu lobuhlalu olumhlophe. Lolu hlamvu lumumethe uthando.
Abaxabene bahulula imfibinga ngokubaxabanisile. Emva kwalokho bafika esiphethweni ngokuxolelana. Isalukazi sasekhaya siyabagezisa, omunye ageze omunye emanzini anohlamvu. ~salukazi siyaluthatha uhlarnvu lobuhlalu.
Amanzi abageze kuwo achithwa esibayeni. Esibayeni kukhona izithutha zekhaya, uxolo lusuke selwethulwa kubo. Ngaphambi kokuvalelisana bayaxhawulana baphuze ndawonye kurnancishana.
Urna kukhona othe uxolile ebe ebambe igqubu, ubonakala ngornbala. Lowo uba neshwa angalungelwa lutho, aze acabange ukuthi ubulewe-kanti nguye ozibulele. Kwesinye isikhathi laba bantu baze baphuze, badle ndawonye. Lowo okhohlisile usezogula isithokothezi, angalapheki, mhlawurnbe kuze kurnenele. Lokhu kubizwa ngokuthi "ukudla idlakubi. "
3 . 1 . 2 . 10 J:MBEWU EVllNIWE
Imbewu ewniwe igcinwa esibayeni. Kumbiwa urngodi esibayeni. Lo mgodi urnbiwa abesilisa. Lo mgodi uba nornlorno omncane olingene ukuriqena komuntu. Lo rngodi uyagudulwa usindwe kahle. U1mIbila ufakwa kulo "mg o d i qede kusitshekelwe ngetshe elikhulu. Umlomo womgoc.i usindwa ngobulongwe ukuze ingangeni imvula. Lo mgodi ubizwa ngokuthi "umgodi wesangcobe."
3 . 1.2 . 11 ITRONA LOMNllMZANE
Ngokwesiko leSintu umnumzane ungcwatshwa esibayeni noma ngenhla k"Jesibaya. Esibayeni yilapho kulele khona amakhehla angoyisemkhulu. Ukulala komnumzane esibayeni kusuke kuyisibethelelo emfuyweni yakhe. Nguye umnurnzane oneso elibanzi esibayeni, esaphila noma engasekho.
4-.
14-.1.1.
4.1.1.1
l:SINGENISO
Kukhona izinto okufanele zingalokothwa zenzelwe esibayeni. Ku n e z i z a t hu ezithile ezidala zingenzelwa esibayeni. Uma kungenz eka ip h u t ha zenzelwe khona kungakhuzwa umhlola narnashwa e ze elandelana.
l:Zl:NTO EZINGELOKOTHWE ZENZELWE ES:I:BAYENI
ABESl:FAZANX
Isaga sesizulu si thi: Ihlonipha nalapho ingey' ikwendela khona. Lesi saga siqondene nomuntu wesifazane ngoba akavumelekile ukungena kunoma yisiphi isibaya. Kuyenzeka athi ekade engena esibayen i salapho, agcine esegane khona. Lokau kumenzela igarr.a elibi ernzini okade egcaluza enyathela ngi s h o amadlozi kuwo.
Owesifazane angangena esibayeni sakwabo. Lokhu kulinganiselwe isikhachi ngoba kukhona isikl'lathi sokukhula, lapho engabe esanqena uma esezinsukwin.i zakhe.
Phela ukungsna kwakhe kungabhubhisa imfuyo noma kushise ubisi emabeleni ezinsengwakazi . Ngalesi sikhat.hi Lona wesifazane usuke engahlanzekile, usuke enomnyama.
4.1.1.2 tlMLOBOXAZI
Urnuzi womnumzane uyah1onishwa. Umlobokazi akachachazi nj e noma kuphi. Umlobokazi ungena kanye esibayeni mh1a eshada angaphinde angene aze angeniswe ngokwesiko. Noma efuna ubu10ngwe umlobokazi uthumela izingane.
Umlobokazi·angelokothe agu1ukude1e esibayeni ngoba ku1e1e ,
okhokho bomyeni wakhe. Umlobokazi lmfanele a1inde uyiseza1a arnngenisa ngokwesiko.
Nga101u suku umlobokazi ugaya utshwa1a. Uyiseza1a usezoh1a1a enh1a nesibaya abheke esangweni. Usuke ebheke lapho kulele khona oyise ukuze akhulume ebabheki1e.
Umlobokazi ubeka ukhamba phambi kukayisezala, bese esusa ubuthi, amnike aphuze. Uyiseza1a uthi angaphuza bese ethi, • Sengikungeni s i1 e - ke esibayeni rnntanami:
Usuyongenc: z:jalo, ungaqhuzuki . Ngifuna ungahlupheki ulinde izingane kanti kokunye ziyodla1a kude emathafeni." . Usezohamba-ke umlobokazi ashiye uyisezala ephuza. Lobu tshwala obokuncenga izidalwa zekhaya ukutrri zimemuke1e umlobokazi. Utshwa1a bungumxhumanisi, nokud1a kwabangasekho nabaphilayo. Ngokubagayela umlobokazi udala ubudl elvano phakathi kwakhe nezidalwa zekhaya.
1.1. 1. 3
.: .1.1 .4
Ulna engangena umlobokazi engangeniswanga, angaba neshwa, awe, nethambo nj e lingephuka ngenxa' yolaka.
UMDLEZANE
Isibaya siyindawo efanele igcinwe ngokomthetho wesiko leSintu nangenhlanzeko. Imfuyo kufanele igcineke iphephile emashweni ngenxa yobudedengu.
Umdlezane akangeni esibayeni. Kufanele alinde kuze kuphele izinyanga eziyisi thupha kuqine nomntwana.
Umdlezane usuke eriomnyama futhi engahlanzekile. Uma engangena esibayeni imfuyo ingaba ntekenteke nonondlini baphenduke izigqala.
I:NTOMBI
Nj engoba kuvelile leu 4.1.1.1 , intombi esezinsukwini zayo ayingeni esibayeni. Uma intombi ikulesi simo ithumela izingane zakwabo ukukha ubulongwe esibayeni.
Angiyiphathi eyesibaya sakomunye umuzi.
Ngesiko lesi Zulu ubuntombi buyisigaba es i h l o n i s h wa kakhulu. Intombi kufa."l.ele izinakekele igcine ubuntombi bayo ilekelel wa nangabazali bayo.
4.1.1.5
Kungumsebenzi wabazali ukuyala intombi yabo ngendlela yokuziphatha. Ubudedengu babazali buvela obala lapho usuthola intombi yakwabo izichachazela nje esibayeni.
Ukungahloniphi isibaya sakwabo, yikho okwenza ize ingazihloniphi nezakweminye imizi.
ABESILISA
Isibaya siyindawo yezinsizwa kepha noma kunjalo akuzona zonke ezingena esibayeni.
4.1.1.5.1 ~ANA
Umkhwenyana akangeni esibayeni sasekhweni. Lokhu kuyenzeka futhi kuyisiko. Kepha umukhwe wakhe unalo ilungelo lokumngenisa. Ukungenisa umkhwenyana esibayeni kwenziwa ernva kokuganwa kwakhe. Uma amalobolo esephelele usengangeniswa.
Kwesinye isikhathi ungeniswa esegcagcile. Ngaleli langa umkhwenyana uyahlatshiswa. Kuhlatshwa imbuzi umkhwenyana a thelwe ngenyongo . Umukhwe ushisa impepho a "-hi.
"Mkhwenyana. ngiyakukhulula lapha ekhaya, usungangena yonke Lndavo, uj abule lapho kunanyiwe. usenge ngisho esibayeni. •
4 . 1 . 1 . 5 .2 OMLINGANI
Nj engoba kuvelile ku 4.1.1.4.1 nomlingani uyahlatshiswa ukuze akhululeke ukungena esibayeni. Injongo yokulobolelana ukuhlanganisa imindeni esuke ingazani futhi ingahlobene .
•
5.1. ISrNGENISO
Sekuvelile ukuthi umnurnzane nguye obhekele inhlalakahle emndenini. Kanj alo nenkosi yiyo ephethe isizwe. Zonke izinkinga zesizwe sixazululwa yinkosi.
5.1.1
5.1.1.1
5.1.2
ISIBAYA SENKOSI
SIYrNI ISIBAYA SENKOSI ?
Isibaya senkosi siyinqolobane yokunqwabela wonke amagugu namathemba esizwe. Lesi sibaya siyisigcawu samabutho.
Esibayeni yilapho amabutho edla. futhi aphuze khona.
Yilapho amabutho ebusa, ahube aze agiye khona, Izimbizo zibuthanela khona noma enkundleni zixoxe ngobulanda bes izwe. lmikhos i yesizwe iguj wa khona es ibayeni.
Isibaya yiso esingu rngogodla wesizwe. Ikusasa lesizwe lilele esibayeni. Ingani phela esibayeni kuzinze amathonga esizwe.
IZINTO EZENZELWA ESIBAYENI SENItOsr
Kukhona izinto ezenzelwa esibayeni sakoMkhulu. Lezi zinto zisuke zethulwa edlozini ukuze lizengamele .
Inkosi ibeke1wa esibayeni sakoMkhulu. Isizwe sisuke sizokwethula inkosi yaso emakhosini asa1a1a.
angoyisemkhu1u. Ngalesi senzo inkosi isuke ice1a isand1a esinzu1u sokuhola isizwe. Inkosi ebekwe ngale nd1e1a ibusa ngobuhlakani.
Kuyenzeka inkosi ingabekwa ngale nd1ela. Enye inkosi ibekelwa entabeni ethize yenganywe amanye amakl1.osi aphilayo. Urna inkosi ingangenanga esibayeni. izinto zayo azihambi kah1e futhi umbuso wayo uyawa ngokuphazima kweso.
5. 1.1 . 2. 2 ~OSI WOKWESHW~
Lo mkhosi ubuye waziwe ngokuthi ukunyathel a uselwa. Mkhulu 10 mkhosi futhi ugujwa minyaka yonke ekungeneni kwekwindla.
Ukweshwama kusho ukuqa1a ngga ukud1a ukud1a okusha.
Kungumthetho weSintu ukuthi abantu bangalokothi bad1e ukudla okusha inkosi ingakakudli.
Kukhana ishwama elincane nelikhulu. Ishwama elincane' inkasi isuke ishwama namndeni wayo kanye namakhelwane baya. Ishwama elikhulu inkasi isuke ishwama nesi::we saya sonke.
Ngelanga lal o mkhasi kuthathwa uselwa lub e k we phambi kwendlu yenkosi ilunyathele . Ngalokhu kulunyathela yenzela ukuziqinisa. Uselwa lufana namaselwa, a.Luvutihwa ,"
luvuthwa kuphela uma luphekwa ngamakhosi. Lalu selwa alungeni endl ini yamuntukazane. Uma lungenile abakulowo muzi bayafeke tha.
Inyanga yaseNd1.unkulu ihlanganisa uselwa, i::intelezi kanye nazo zonke izinhlobo zakudla okusha. Lakhu kudla kuxutshwa namanzi eziziba ezesabekayo. Isiziba siyesabeka, ngakho-ke nenkasi isuke izafana nasa ngokwesabeka. Uselwa luyaphekwa iludle inkosi namabutho ayo.
Utshwala obuphuzwa ngalolu suku bufika nabesifazane bawo wanke amagumbi ezwe lenkasi. Labu tshwala abuthwalwa ngezinkamba kepha ngezigubhu nezichumo ukuze banele izinkumbi zezinsizwa zesizwe .
'•. 1.2.2
Amabutho ayahl a.l.a alinde inkosi kuthi Iigakusasa aphalaze ngezintelezi e z Lrih.Lobonh.Lobo . Esibayeni kukhona igumbi lokugezela inkosi ngalolu suku. Amanzi egeze ngawo inkosi achithwa esibayeni. Lokhu kuyisibethelelo sokuthi inkosi ibuse ngobuchule isizwa id~o::i noma amad.Lozi .
OKOBULALA INKUNZI
Inkunzi Le ikhethwa kwezimnyama zayo imisebenzi efana nalo. Lezi zinkunzi zihlukaniswa nonina zisengamathole.
Okubalulekile ngazo azidibani nezinsikazi. Lokhu kwenzelwa ukuthi kube inkunzi emsulwa, ukuze namabutho angakhazwa umnyama.
Izintelezi ezingomathithibala, omalala, iche~wa ngazo ukuze kuthithibale izitha. Uma isibulawa ayigwazwa ngomkhonto kepha ibanjwa ngamabutho ngezandla ayephule intamo. Inyongo yayo ithelwa embizeni yentelezi ezochela amabutho. Inyama yayo iyabengwa ihuqwe ngemithf ebabayo.
Kwenzelwa ukuthi amabutho aqine abe nesibindi kanye nesithunzi. Isikhumba senkunzi sendlalwa esih~alweni
senkosi.
Uselwa Iuyaphekwa luhlanganiswe nezintelezi. Inkosi incindela odengezini bese idla iqatha, ilimfimfithe bese
iyalilahla. Inkosi iphonsa imibengo phezulu arnabutho ayinqake nawo ayirnfimfi the ayil ahle. Uma kwenzekile bathi bayawunqaka wawa awube usacoshwa. Imbongi imemeza kakhulu ithi: Useludlile okaNdaba usel wa ngakho izwe
';.1.2.3
selingashwama. "
UyiZulu!•
IMBIZO YAMABUTHO
Amabutho aphendula athi: "Bayede!
Inkosi ebusa ngobuhlakani ayihlali nje ininge ngesizwe sayo iyodwa kodwa ibiza izirnbizo. Lezi zirnbizo yiz o eziyihlanganisa nesizwe sayo.
kuzobhungwa ngobulanda besizwe.
Kulezi mbizo kusuke Amabutho esizwe yiwo ayiso elibanzi lenkosi. Amabu~ho yiwo aqaphe ubunzima inkosi ehlangabezana nabo.
Kuyenzeka amabutho aphume inqina njengoba kuvelile ku 3.1.2.4 Inqina kuyenzeka kube ileyo yokuzizingelela nj e, . kant"i kokunye kuba ekhishwe yinkosi ngenj ongo yokuthola imvunulo.
Kuyenzeka kusoleke imi:1gcele edliwe, emi.nye yeqiwe.
Inkosi iyayibiza imbizo izobonisana nabani:J.irnasimu.
Ngales i senzo iyaxazululeka ingqinarnba yabangezwani.
S.1. 2.4
Ukubekwa k'Nabantu nakho kUdinga ukubizelwa amabutho endawo. Lokhu kwenzelwa ukuze abe nolwazi ngabakhele Ieyo nkosi. Zonke izimbizo Iezi zibanjelwa esibayeni noma enkundleni.
Inkosi ithi ingezwa .ngezinhloli zayo ukuthi kukhona ukungezwani nabakhelene nayo, iqale ilale obenyoni.
Inkosi iqoqa izithunywa zayo izithumele ebuthweni lesigaba esithile. Leli butho lifika lizinze endlunkulu.
Lithi lingaphelela lishaye umqobo liye esibayeni.
Esibayeni yilapho inkosi ifike ikhuleke koyisemkhulu.
Inkosi isuke icela indlela enhle, namandla okunqoba izitha. Phela ukunqoba kwesizwe kwenganywe yidlozi.
Izintelezi zenzelwa khona esibayeni ngisho nokugcaba imbala. Ibutho liyach~lwa kanye nezikhali zalo. Inyanga ichela ibutho ngezintelezi ezinhlobonhlobo.
Uma sekuclulisile izinsizwa zaIeIo butho ziqoqelwa ebukhosini ziyokhipha intelezi. Inyanga iyaphinda futhi yelaphe izinsizwa ngoku.::iphalazisa, ziphalaze, zigqume.
Lokhu kukhishwa kwentelezi kwerize Lwa ukuzhi, uma sekudlule impi, 10 mutl'li. osegazini ungaphenduki umnyama ensizweni.
Urna ingakhishwanga Ie ntelezi, ziyabhodloka izinkakhayi kubantwana. Kwesinye isikhathi zidala nesigcwagcwa
5.1."2.5
indlela yakhe yonke lowe owa::idlayo.
UKUKHOTHAMA KWENKOSI
Inkosi ithi ingadunguzela, kuqoqane umndeni wayo kukhuzwe umhlola. Kushiswa irnpepho esibayeni kukhulunywe nedlozi.
Urna inkosi idunguzela nje kancane, icelelwa ukusinda iphinde ihole isizwe. Urna sekubonakala ukuthi alikho ithemba lokusinda, icelelwa koyisemkhulu ukuthi bayihlangabeze futhi bayemukele.
Inkosi ithi ingakhotharna kukhale amacilongo es~."...o. Kusukela Lapac, kwenziwa amalungiselelo okut.sha.Lwa kwayo.
Inkosi itshalwa esibayeni. Inkosi isongwa ngesikhumba senkomo ezilungisele yona isaphila. Kuyenzeka isongwe sirnanzi ngenxa yokukhothama ngozumo.
Emva kokutshalwa kwenkosi, amabutho adla izintelezi, aphalaze ekaipha igwebu lethun::i elimnyama asuke ekulo.
';.1.2.6 lJMXHOSI WOMHLANGA
Lo mkhosi ungowokuvuselela ukuziphatha ezintombini zesizwe. Lo mkhosi wenziwa inkosi yoHlanga. Minyaka yonke uyagujwa 10 mkhosi.
Inkosi .i b i za zonke izintombi zesizwe sayo . . Izintombi zisuke zizohambisa urnhlanga enkosini yoHlanga. NgaIolu suku, inkosi, isuke isethubeni lokuziqokela indlovukazi yesizwe. Phela inkosi ayinqunyelwa inani Iamakhosikazi, kuba sothandweni lwayo. Inkosi isuke ikhothama koyisemkhulu ukuze bayikhethele umfazi wempela.
Lo mcimbi wenze l wa esibayeni noma enkundleni yakoMkhulu.
Isibaya sesizwe samaZulu yiseNyokeni, kwaZulu. ENyokeni yilapho kuzinze khona ithongo lonke lamakhosi akwaZulu ngokwelamana kwawo.
Ngalolu suku izintombi zihamba ngobunono, zilandelane zihambise umhlanga enkosini. Intombi ngayinye isuke iphethe um.'llanga wayo. Izintombi zicathula kancane ziye ziyoguqa phambi kwenkosi, ziwubeke unhlanqa ngenkulu inhlonipho l e ,
Ngalesi sikhathi. inkosi isuke seyenganywe yithongo.
yilona eliyelekelela ekukhetheni umfa::i. lJ:nfazi okhethwe ngale ndlela akulula ukuba asibulale isizwe. Isizwe siyalulazeka ngokuziphatha okubi kwend.l ovukaad. Indlovukazi kufanele ibe yisibonelo esihle emakhosikazini esizwe. Kulo mkhosi kufundwa ukuhlonipha nokuzotha.
- Umhlangausuke uhanjiswa yizintombi. Intombi ezisolayo ngobuntombi bayo ayilokothi i.hambise umhlanga. Phela umhlanga uqukethe uphawu lobumsulwa nokungaze uthintwe.
6 . 1 l:Sl:NGENl:SO
Ziningi izinto eziphumelelisa umuntu onesibaya. Ezinye zalezi zinto ziyadingeka cishe impilo yonke yomuntu.
6.1. 1 l:Z:rN"I'O ~SUKU ZONKE EZl:THOLAKALA ESIBAYENI
6.1.1.1
6.1.1.2
UMQUBA
Umquba ungezinye zezinto ezisebenza kakhulu. Umquba uyasiza ukuvundisa isitshalo emasimini. Izitshalo eziningi zidinga umquba ukuze zikhule kahle.
Nj engoba kuvelil e leu 3.1.2.4 , utrqUba uyasiza uma kukhona inkomo entsha esibayeni somnumzane. Urnqu.ba utholakala esibayeni, ngakho-ke umumethe idlozi Lomndend •
UBULONGWE
Ubulongwe bumumethe okhokho. Indlu okuthethwa kuyo idlozi kufanele kube esindwayo. Kukhona ukuxhumana phakathi kwesibaya nendlu. Okungenani umsamo mawusindwe uma kuyindlu engasindwa. Indawo yokushisa impepho umsamo, ngakho abaphansi mabanukelwe ubulongwe.
Ubulongwe buyikhambi kumuntu ophethwe yisisu. Lowo ophethwe yisisu uyabubhubhudla namanzi abuphuze siphele nya.
6.1.1.3 AMALONGWE
Amalongwe aseyibo ubulongwe , kodwa osebuqinile futhi obusetshen:iswa ngendlela ' elilukile ebulongweni.
Amalongwe ayasiza uma kubaswa umlilo nj engezinkuni.
Amalongwe acabaywa esibayeni. Umnumzane ofuyile usuke esefake isandla esibanzi kumlobokazi. Ingani phela asikho isidingo sokuya emadlelweni kumlobokazi athi uyocabaya.
umuntu onofufunyane intuthu yawo. Emva Phela amalongwe aqukethe Amalongwe nawo angumshanguzo.
ushiselwa ~longwe ahogele kokushiselwa uvuka qingqo. ubudlozi besibaya.
6.1.1.4 UBISJ:
Ubisi luyisakhimzimba. Obisi luyimpilo kumuntu ozinakekelayo nozihluphayo ngempilo yakhe. Umnumzane
ofuyile usuke enayo inj ongo yokuvikela umndeni wakhe enkemaneni.
Izinkomo zidinga ukunakekelwa ukuze zikhiqize ubisi.
Lokhu sekuvelil.e ku 3 .~.2.4 ukuthi izinkomo ziyashunqiselwa zichelwe nangezintelezi ukuze singapheli isibaya. Izinkomo ezishunqiselwayo ziwakhuza phezulu amathunga futhi ziyanonophala.
Ubisi lwakha ubudlelwano phakathi komzali nengane.
Ingane ikhula inothando lukanina olwakheka ngenkathi incela. Abantu nabo banobudlel wano nezinkomo ngoba bakleza kuzo.
Ubisi lwenkomo l.ungumshangUzo owelaphayo. Uma ingane isuswe ebeleni, ichathwa ngesiqunga nobisi ukuze kukhishwe izintanj ana eziluhlaza esiswini, ezingakhubaza impil.o yomntwana.
Kuyenzeka umuntu ngokunganaki aphuze noma adle into enobuthi. Ubisi luyasiza ngokuba uluphuze. Phela kuthiwa luyapholisa ngaphakathi lubulale nobuthi.
(;.1. 1. 5
Abantwana abancane bavama ukuhIushwa amehIo, kwesinye isikhathi aze avaleke. Ubisi Iuyasiza uma u1.uconsisela emehIweni. Ngisho uxhoshiwe siyaphuma isibi. Ubisi Iuyisibulali magciwane.
l:ZINTO EZAKRIWE NGESIKRtlMBA
Isikhumba siyimvunulo yeSintu kustikela engakazalwa kuze kufike engcwabeni.
enganeni
Ngenxa yok'Jbaluleka kwesikhumba, sithola umnumzane eqala ukuthanda umba1.a wenkomo isaphila. Umnumzane usuke ethanda ukusika imvunulo yakhe njengebheshu nesih1.angu.
Kwesinye is i.kh.atrhi, usuke ezozi1.ungisela isikhumba ayovunula ngaso uma kwenzeka eficwa ukufa. Lokhu kuzi1.ungiselela, kuyinto enhIe ukuze angangeni eshweni Iokusongwa ngesikhumba simanzi. Phela uma .esongwa simanzi kukhomba ukuthi uzumekile nje engakazi1.ungiseli.·
Isikhumba siyimpah1.a yasendlini. Isikhumba sih1.a1.a futhi siIa1.e kuso. Umuzi ongenaso isikhumba ukhombisa ukuthi akuh1.atshwa kuwo.
6.1.1.5.1 rBHESHU
Ibheshu lisikwa esikhumbeni esihle futhi esishukwe ngobunono. Imvanisa kuba yisikhumba senkonyane. Umbala webheshu kuba yi~owo wekhethe~o. Phela umnikazi usuke efuna ukuziqhenya kahle Lapho isimlandela inkomo yakwabo emas' evutshiwe . rngani phela kusuke sekwenzeka indida ngoba Ie nkomo usuke ekade eyiqhuba isadla anhLamvana , Manj e sekuyithuba Layo ukuthi imqhube.
Umnumzane ozithandayo usika ibheshu elinombala ogqamile futhi ufane nesinene. Urna ibheshu linea nesinene
" .
sibenjalo. Ibheshu libhinewa ngemuva kanti isinene sana sihloniphisa umuzi womnumzane.
6.1.1.5.2 rSrBLANGU
Umnumzane usuke engaphelele emvunulweni yakhe uma engasiphethe isihlangu . .Isihlangu ngelinye sithi Yihawu.
rsih~angu njengebheshu nasa sisikwa esikhumbeni esihle.
rsih~angu sigeinwa ngobunono endaweni eqondi~e ukuze singagobi.
Emicimbini eminingi siyaphathwa isihlangu. Leyo micimbi imigcagco, ukwemulisa, nasekugiyeni futhi uma kuhlatshiwe. Umkhongi uyasiphatha isihlangu uma eyolobola.
Uma kwenzeka umnumzane edlula emhlabeni isihlangu sakhe sisala sibeyifa enkosaneni. Inkosana igiya ngaso esibayeni lesi sihlangu ngelanga lokubuyiswa kukayise noma emikl:osini ethile lapha ekhaya. Ayisiphathi nje noma nini kuphi.
6.1.1.5.3 ISIDWABA
Isidwaba sishukwa ngesikhumba senkomo noma esembuzi.
Isidwaba sivunula abantu besifazane. Isidwaba esenziwe ngesikhumba senkomo sihlala isikhathi eside kunaleso esakhiwe ngesembuzi. Phela isikhumba sembuzi sithambile kune senkomo .
Isidwaba asikhathaleli ukwenziwa ngesikhumba esinombala omuhle. Lokho kwenziwa ngoba 5iyaphalwa , sisuswe uboya, sishukwe, size sithambe. Isidwaba sithungwa ngobuciko sibe nemifingcizo elinganayo ebheke phansi. Le mifingcizo yakhiwa ngokudonsa izintanjana esithungwe ngazo ngaphakathi. Le mifingcizo iphelelisa inhlonipho
kumuntu wesifazane. Inhlonipho ibonakala lapho egoba.
Akuveli lutho oluyihlazo kumuntu obukayo.
Umlobokazi uhlonishiswa ngaso isidwaba.
bamkhehla ngokumfaka inhloko naso.
6.1.1.5.4.ISIPRANDLA
Abasernzini
Umnumzane u.'llaba imbuzi noma inkomo yakhe ngenjongo yokuhlabela abangasekho noma abaphilayo. Ekuseni ngakusasa usezohlahlela imbuzi noma inkomo leyo akhiphe izitho ngononina. Umnumzane usika iziphandla esiphongweni sembuzi. Uma bebaningi kungasikwa nasezinhlangothini zesikhumba.
Isiphandla asikhunyulwa, size sizigqashukele. Ulna
sesigqashukile, asilahlwa, kodwa silengiswa emsarno.
Emsamo laphaya yindawo yabangasekho. Kukhona izilwanyana ezincane ezidla izikhumba. Lezi zilwane kuthiwa izinundu.
Nezangoma :iyazifaka iziphandla. Nazo ngokunjalo azizikhumuli. Nazo zizilengisa emgcnqweni uma kwenzekile zagqashuka. Erngonqweni kuzinze idlozi.
6 . 1.1.5 .5 rHrNgWAMBO
Iminqwambo iyimvunulo yomdabu eyakhiwa ngesikhumba. lminqwambo yokuqaLa yileyo umntwana okuye k'",enzeke afike eyigaxile. Kwesinye isikhathi Lckhu kuba samh.Lwehl.we kwemboze ikhanda. lminqwambo inguma kabili emarrLcmbe.
Umntwana ozalwa egaxile, usuke . enennl anhLa , Uma
inh~anhla yakhe imholela ekubeni yisangoma, kufanele igcinwe yonke imicimbi yob ung o ma . Kuyo yonke Le micimbi kugqokwa iminqwambo. Isangoma asiyikhumuli iminqwambo njengesiphandla. Uma siyikhumula sizihlukanisa nedlozi ugobo. Singeduka nokweduka endleleni uma singahamba
6.1.1.6
5 ingayifakile iminqwambo.
rSlJaroNDLA ESIPHEZULU EMPRAKATHINI
Umnumzane ofuye izinkomo akabuzwa ngobuhlakani asuke enabo. · Isikhund~a usithola ngokushesha emphakathini ngoba unokumethemba nokuthi ngeke ahluphekele eziftweni zawo ngoba vele unguthulasizwe.
Umnumzane oggame ngemfuyo ugcina eseyisibonda. Nguye osuke esezoxazul ula izinkinga zomphakathi.Ngokunj ale akasuki ematheni kubantu. Ufica abantu belangazelela ukuthi
izintombi zabo zigane kulowo muzi ngoba unothile futhi kukhonjwa ngophakathi.
,; .1 . 1 . 6 . 1 UKUBALEKA
Lokhu ukuhamba kwentombi iya kubo kwesoka. Inhloso yokuhamba kusuke kuwukufuna ukugana. Phela intombi ayil ukhiphi kuze kube kabili ucu. Intombi iqoma kanye.
Ulna kwenzeka yehlukana nalelo soka, sekuYOthi ingashelwa omunye, imtshele ukuthi seyizogana kuphela.
Kuyenzeka isoka lentombi lingathandwa abazali bayo.
Kwesinye isikhathi abazali basuke bethathwe isibaya somunye umnumzane. Lokhu kuyabenza banxanele ukuganisa umntanabo kulowo muzi. Ngenxa yal.okhu, abazali bayaba imbangela yokubal eka.
Ukubaleka kuseyd.kho ukuma. Kuyenzeka intombi izibonele yona ukuthi isoka layo liyayibambezela. Lokhu kungenziwa ukuthi seyihlale kakhulu imqomile engalukhiphi usuku lokuthumela abakhongi. Lena ngenye imbangel a yokubaleka.
Incombi ebalekayo iphelezelwa yizimpelesi zamatshicshi ezimbili neqhi.kiza. Led zintombi kuba ezesigodi sakubo.
lutho . .
Izintombi ziphurna nezitsha zarnanzi, kanti phinde aziyi lapho. Imvunulo isuke ieila lubi.
urnhlanga wokudondolozela ernzini.
Izintombi ziphatha Ziphurna zigondanise nokungena sekuhlwile. Phela ngesiko lesiZulu urnlobokazi akangeni emzini emini kwabha kodwa ulinda amathunzi ukuze abonwe izithutha zekhaya. Urnlobokazi kufanele ernukelwe abaphilayo ngokubarnbisana r.aba."1gasekho.
Esangweni zifika zime izintombi. Ziyabuzwa-ke kuthiwe:
"Nikhwela ngobani zintombi na ?" Ziyaphendula ngokumgagula lowe ezize ngaye. Zisuka lapho zidondolozele ngornhlanga zingene. Urnhlanga lona ukhomba ubumsulwa. Zigudla nj alo ngakwesokuphosa sornuzi, ziyokUma enhla kwesibaya zifike zihaye ingoma yokulanda izinkomo zithi
Siphurna ngale kwentaba.
Sizobalekela kuwe, wensizwa ziphelele.-
UZ'll."1gazidumazi wensizwa Y01lU1umzane.
Ayiphurne irnvuma wensizwa zipnelele.
Zisuka lapho ziyiswe elawini lezinsizwa, ziphiwe ukudla nendawo yokulala. Kuyothi kusernpondozankomo ngakusasa,
yizo leziya ziyogeza emfuleni. Kuyethi ngokuphuma kwelanga zibuye sezizofuna inkomo yaze. Intombi ebalekile isala endlini bese kuthi izimpelesi, neqhikiza zize phezu kwesibaya. Umnurnzane usezokhomba inkomo yazo.
Le nkomo ibizwa ngokuthi imvuma. Kuyenzeka zLy.iahaye , zingayibulali, kuyothi ngelinye ilanga, zibuye zizogaya utshwala bese ziyibulala. Kwesinye isikhathi iyahlala zize ziyibulale mhla zilethe udwendwe. 'Umkhong i uhlontula inhlali yeshoba, ayoyikhombisa im:ombi ukuze ibone ukuthi ime ngenkomo. Lokhu kusiza nangokuthi ibcne ngisho nombaLa wenkomo ebaleka ngayo futhi ifike ikhombise nabasekhaya.
Le ntombi isizohlala izinsukwana yenza imisebenzi enj engokukha amanzi nokutheza. Kuyothi bangavumelana ngosuku Lokuyokhonqa "umakoti" agoduke nezimpelesi zakhe. Nakhona ngaleli langa baphuma sekuhwalala. Intombi ebibalekile imenyezwa ngezinkomo eziyisithupha ngoba uma sezize zaba yisithupha seziyinani elingalukhipha udwendwe. Zibuye ziqhutshwe ezinye zize zihlangane ishumi nanye, lmibala yezinkomo kufanele kube ezomheha umukhwe.
ibalekele kwakhe. Phela kuyihla:to, kufanele isikhundla sobumnurnzane . .
Ij ,1 ,1.6 . 2 AMABHEKA
avikele
Lezi yizinkorno zelobolo ezisuke zilobole intombi.
Kuyenzeka pr.akathi kwamabheka uyise wentombi ayikhehle ngenkomo. Kokunye ubuye uyi se wentombi ayisikele uphawu ngenkomo. Le nkomo yiyo asuke ezophuza kuyo ubisi, adle namasi kuyo.
Yize enayo inkomo yakhe, umalokazane kufanele alinde aze anikwe libisi namasi ngokomthetho ernzini.
Ornunye umnwnzane uzakhela isibaya sazo sodwa izinkorno zamabheka ukuze abone ukwanda kwazo zizodwa. Uma led zinkorno zizalana, z anda esibayeni saao, kulapho ezoqala aj abule. Le nj abulo izornenza ,ab onge ukuziphatha kwarnadodakazi aldie.
(; . I ,1. 6.3 AMASl:SO
Amasiso yizinkomo zomnurnzane azisisela omunye ngenjongo yokumulekelela. LOk.'lU usuke ekwenzela ukuthi nalo
ongafuyile kodwa zikleze izingane zakhe ,
Izinkomo zamasiso zisuke zizosiza ngokubalimela amasimu, zisengwe badle namasi. Uma zizalana zanda izinkomo, uyahlomula 10 osuke ekade esiselwe. Inkomo ayihlomulile sekuzoba ngeyakhe.
Ulnnumzane akakhohlwa izinkomo zakhe. Uma kwenzeka ebona zingaphathekile kahle, athole zinemivimbo emzimbeni ziyabuya emasisweni. Umnumzane akaceli kodwa uvele angene esibayeni azighube ziqonde ekhaya. Esibayeni kusala leyo nkomo yokubonga ukubhekelwa Iowa mhlambi wamasiso.
Urnuntu osiselwe akalokothi ahlabe emhlambini wamasiso.
Kufanele aqikelele ukuthi abe nehlo elibanzi ezinkomeni ukuze bezwane nalowo omsisele.
Urna kuke kwenzeka iphutha inkomo yephuka, noma yashaywa inyoka, makabikele umnikazi. Uma eze wazibonela zingabuya emasisweni.
Isibaya sibalulekile .e mp i l we n i yawo wonke umuntu. Esibayeni sithola izinkomo okuyizo ezikhiqiza ubisi, inyama, izikhumba nokunye. Emndenini onesibaya ikati ngeke ulithole lilele eziko .
Abantu abangafuyile .bahlangabezana nenkinga lapho sekufanele balobole. Phela . umuntu usuke ungaqediLe ukulobola . zingaphumile izinkomo zoboya. Izinkomo zoboya yizo ezikhipha udwendwe. Iz::'nkomo zemali zingezokujabulisa iqembu labaphilayo kakhulu. Azifani nezoboya eziyeme kwabangasekho ngenxa yokugudlana esibayeni.
Izinkolo eziningi namuhla azihambisani nokuhlabela amadlozi. Lokhu sekuze kwenza abantu bangazazi noma basendlini kumbe emnyanqo yinL Kuf ane l e uma besendlini, bayeke ukwenza izinco ezenzelwa emnyango. Kanjalo nasemnyango, bangenzi izinto ezenzelwa endlini.
Ezinsukwini aanamuhl.a usuze uthole urnuntu ephansi kwenkolo yobuKrescu, kepha olunye unyawo lubhajwe enkolweni yeSintu.
Akwazeki ngempela ukuthi siyofika nini isikhathi esiyothola ngaso isiginiseko sokuthi iyiphi indlela eyiyo yokuxhumana, neyosiyisa kuMvelwgqangi.
v
Ngenxa yokungakwazi ukukhetha okukodwa okungokwethu. yikho nje siy-ohlala singamalulwane. Sekuyisikhathi sokukhetha okuyikho esimi kukhona. Izinkolo zithi zihambisana zibe zingahambisani, zithi zingahambisani, zibe zihambisana. Uma kwenzekile wakhetha zambili, enye iyayiqhubukusha enye.
Amakhosi amabili awabusi kanyekanye. Ukuphumula siyokuthola mhla sazi insika eseyeme kuyo.
Inkolo ingani phela iyiyo.insika. Inkolo yiyo esixhumanisa noMve1.ingqangi. Inkolo makube yileyo eqondene namasiko ethu. Amasiko ethu ahambisana nokuhlaba sikhumbula okhokho futhi sibanxusa ukuba bahlale bengumgudu ovulekile osiyisa ekhaya. Sibakhumbula ukuze bahlale besikhulekela njalo esihlalweni sobukhosi bukaSomveli ngoba singezikhulekele thina.
UMvelingqangi ubonaka1.a enze umfuziselo wakhe kithina Sintu.
~·elingqangi uthe ewuHlanga waphinda wadabula iSintu kuye uqobo. Ngokudabala iSintu. simthola eyinsika yeSi n t u sonke. ISintu sibonakala sengathi simile sizungeze uHlanga oluyisiqu nomsuka waso.
ISintulesi sinezigaba esidlula leuze empilweni. Kuzo zonke lezi zigaba, llIUI:Ye umuntu omenyezwayo, uMvelingqangi . . Abantu abaphansi sikholwa ukuthi yibo abasixhumanisa noMvelingqangi.
Yikho nje sithuma bona leuye. Sikholwa ukuthi bona sebeseduze neMvelingqangi. Inqubo nokhondolo ludlula emsamo ngokushisa impepho ngoba yilapho bephelele khona abomndeni.
Imicimbi enjengokusina -kukaml ob ok a z i , nokugida kwezangoma kuyinkinga uma singekho isibaya. Imicimbi eyenzelwa esibayeni kufanele iqhutshwe ngesizotha, ngobuncno, nangenkulu inhlonipho khona esibayeni ngoba siphakathi futhi sengeme abangasekho.
Lokhu kuyokwenza isibaya sihlale sihloniphekile njalo sifuze wona impela umfuziselo wethempeli elingcwele nelimsulwa elethulwa kokhulukhulu ekudabukeni kwabo kule ngabadi.
Isibaya ukuba siyithempeli impela, akugcini ngokubonakala ngesomndeni kepha nesakoMkhulu. Imi khos i yonke yesizwe imgeyendumiso, eyokubonga neyokushweleza yenzelwa khona esibayeni sakhona koMkhulu. Yonke leyo nkotha nomusi usuke wenyusela ubuze nokuzendlala kwesizwe emakhosini oHlanga, ukuba yiphunga namakha amnandi kuwona nasesihlalweni seZulu likaMenzi.
UMenzi namakhosi esizwe asuke eshiselwa lokho okuyizinsika zendabuko njengophawu. Yena asisikela lona ngesandla sokhokho mhla ebasikela uphawu. Usi lomoso olosiwe ngezinkuni zendabuko yilona qho , olusisimamisa -o k u s Ltru sa ekutheni : Ngeke kwenzeke lokho lapha ernzini kababa noma kababamkhulu.
Ubaba .nobabamkhulu bawugxunyekelwa uQi ni s o ngesandla sokhokho babo okuyibona ababendulelayo ekuboneni ilanga kulo mhlaba. Uma bona babhekela endumisweni yaleli thempeli eliyisibaya, pho yikuphi okungalokotha kuphundule lesi sizukulwane sabo kulolu khondolo olungumkhondo obheke esiphethweni esinguQobo lwakhe osemafini?
Gcumisa, M.S.S., Kheswa, (J.992):
A. T., Mehembu, M.M. noMthiyane, E.T.Z.
Gcumisa. M. noNtombela ,M. (J.9 93)
InsQnyama,
Pietermaritzburg:
Shuter noShooter.
Isilulu Solwazi Lwemve' 0,
Pieeermaritzburg:
Shuter noShooter.
Gumede, R. B . (H96) Isjhaya, Sawpits.
Umb u mb u l u :
Krige, E.T. (J.9BJ.) The Soc; al System of the zulu' 5, Pietermariezburg: Shueer noShooter.
Lamula, P. (J.967) Isah""q
Makhanya, F.N. (J.996)
Piete::martizburg:
Lincrofe Books.
Tsibaya, Urnlazi B8:1.64.
Makhanya, M.B . (J.996) Tc l b a v a, In::inyane.
Umbumbulu:
KwaNyuswa.
Mkhize, B.
Msimang, C.T.
Nene,T.M.E.
Nyembezi, S.
noNxumalo, O.E .H.
Shangase,S.E.
(1.996)
(1.975)
(1.996)
(1.972)
(1.996)
T s i b a y a • Urn bum b u 1 u : Intinyane.
Kusadljwa Ngoludala, Pietermaritzburg:
Shuter noShooter.
Isibaya, Larnontville:
4100 Mpanza Road.
Inqolobane Yes; zwe, Pietermaritzburg : Shuter noShooter.
Isibaya, Isipingo:
50 Jadwat Road.
Shange, O.L. . (1.980) Noku";';va
Kw~siZulu
Pietermarit:burg:
Shuter noShooter.
Intinyane.
Xala, N. Z . E. (1991) .S ; k h u l a Ngokllxoxisana, Cape Town:
Juta noCompany.